Sebezithole bonke izikhala abafaka izicelo zokufunda ngolwe-internet

2017-02-28 15:59

Johannesburg - UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng uPanyaza Lesufi umemezele ngoLwesibili ukuthi bonke abafundi ababhalisa ngohlelo lwe-internet abebesohlwini lwabalinde izikhala ezikoleni zesifundazwe sebezitholile.

"Ngonyaka ophelile kwakunabafundi abangu-58 000 ababesohlwini lwabalinde izikhala zokungena ezikoleni kanti bonke sebezitholile," kusho uLesufi esiShayamthetho saseGauteng.

Kwababhalisa ngo-2016, ingane yokugcina eyathola isikhala esikoleni yasithola ngoMeyi.

OLUNYE UDABA: Sesiku-377 isibalo sabafundi abangakazitholi izikole eGauteng

"Bezingu-19 000 izicelo ezintsha kanti bonke abazifaka sebezitholile izikhala ezikoleni. Akekho noyedwa umfundi ohlezi ekhaya ngoba engasitholanga isikhala sokufunda esikoleni.

"Lokhu kuchaza ukuthi abanye abafundi abanazo izihlalo. Silinde kuqale unyaka wezezimali."

ULesufi uthe izikole zithwele kanzima njengoba kunyuke isibalo sabafundi emakilasini kanti ezinye zishoda ngezihlalo namatafula.

Ngesikhathi kuqhubeka inkulumo yesifundazwe i-State of the Province Address, uNdunankulu waseGauteng uDavid Makhura enkulumeni yakhe uthe uNgqongqoshe uLesufi kufanele akhiphe umbiko wezicelo zokubhalisa ngohlelo lwe-internet.

 - eNCA

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...