Safaka izwe obishini ngokukhetha uZuma - Mthembu

2017-11-21 18:01

Johannesburg – I-ANC kumele ‘ikhiphe’ uMengameli Jacob Zuma esikhundleni sokuhola izwe ngemuva kwengqungquthela ngoDisemba ngoba njengeZimbabwe izwe lidinga ushintsho bobuholi, kusho usotshwebu we-ANC uJackson Mthembu.

I-ANC kulo nyaka ibhekene nemibango yangaphakathi kanti futhi nezindaba zenkohlakalo ziyaqhubeka nokungcolisa igama layo.

UMthembu utshele iReuters ukuthi noma ngabe inhlangano ikhetha bani ngenyanga ezayo, ubuholi obusha kuzomele butshele uZuma ukuthi akehle esikhundleni ukuze i-ANC izokwazi ukulungisa umonakalo.

"Ngeke ukwazi ukumgcina [uZuma],” esho.

UMthembu uthe i-ANC kumele ifunde ezintweni ezenzeka eZimbabwe, iZANU-PF ifuna uMengameli Robert Mugabe ashiye isikhundla sakhe.

OLUNYE UDABA: UMkahosi Khoza uzohola umbutho ozongenela ukhethoi luka-2019

"EZimbabwe bafuna ukulungisa izinto ngaphandle kokuchitheka kwegazi…Kuzomele silungise izinto ngokushesha ngemuva kwengqungquthela. Uzilungisa kanjani izinto kuhulumeni kusahlezi umuntu okungenzeka ukuba unesandla ‘emonakalweni?’.” Kubuza uMthembu.

UMthembu, ofuna uRamaphosa abengumengameli olandelayo, kanti uthi kubalulekile ukuba i-ANC iphinde ibuyise ukwethenjwa ngabantu bakuleli.

UMthembu uthe uma i-ANC yehluleka ukulungisa izinto ngemuva kwengqungquthela kuyobe ‘kuphelile ngayo’.

"Yithina esafaka iNingizimu Afrika kulolu bishi ngokukhetha uZuma ukuba abengumengameli. Kwakumele siyibhekisise kahle le ndoda," esho.

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...