OwoSuthu uthi uPienaar ubengangena khaxa kuleli qembu

2018-03-11 12:04

Durban - Umqeqeshi wamaZulu uCavin Johnson uthi uSteven Pienaar usheshile ukuthatha umhlala phansi futhi wayezongena khaxa eqenjini lakhe.

UPienaar ngeleldule umemezele ukuthi usewabeka phansi amakhokho ngemuva kweminyaka engu-17 edlala ibhola.

Lo mdlali uke wadlala kwi-Everton nakwi-Ajax Amsterdam kanti futhi uke wadlala nabadlali abafana noZlatan Ibrahimovic, Gareth Bale noWesley Sneijder.

OLUNYE UDABA: I-PSL ibeke AmaZulu icala ngokuziphatha kwabalandeli

UPienaar, 35, utshele iKickOff.com ukuthi ukuvuka ekuseni nokuhlala emgwaqeni kunesiminyaminya yikhona okumenze wathatha isinqumo sokuwabeka phansi amakhokho.

UJohnson uthi 'uSchillo' ungomunye wabadlali abasezingeni eliuphezulu abakhiqizwa yiNingizimu Afrika.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...