Owombhoxo ezinsolweni zokubulala owayeyintombi

2018-01-14 10:00

Kimberley - Kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseKimberley umdlali webhola lombhoxo oneminyaka engu-33 ubudala ngecala lokubulala.

Kusolwa ukuthi wagwaza wabulala owayeyintombi yakhe wabe esezigwaza naye ezilimaza.

Umndeni ufuna izimpendulo ngemuva kokubulawa kwendodakazi uRefilwe Letebele, 28, ogwaze wabulawa emzini wakhe.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe umdlali ngezinsolo zokunukubeza nokocansi

Kusolwa owayeyisoka lakhe kanti umndeni wona uthi kunzima ukwamukela isimo.

Umdlali ungeniswe esibhedlela kanti uqashwe ngamaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa uLt.Col Dimakatso Mooi uthe: " Amaphoyisa aseKimbwerley aphenya icala lokubulala."

URefilwe ubekwe endaweni yakhe yokugcina ngoMgqibelo eKimberley. 

- SABC

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...