OwezeMfundo uthi ngeke aphunyuke kalula uthishanhloko

2017-10-18 12:30

Johannesburg - UMnyango wezeMfundo eGauteng, uthi uthishanhloko wesikole samabanga aphansi esiseSoweto lapho okunezinsolo zokunukubezwa ngokocansi kwabafundi abangaphezu kwabangu-80, angeke aphunyuke kalula.

Lo thishanhloko usekhishiwe kulesi sikole njengoba kuqhubeka uphenyo.

OLUNYE UDABA:Uzovela enkantolo unogada osolwa ngokunukubeza izingane zesikole

Abanye abazali bathi lo thishanhloko wahluleka ukulusukumela lolu daba ngemuva kokuba bemuyele ehhovisi lakhe beyobika kuye.

Unogada osolwa ngaleli cala yena usexoshiwe. Kulindeleke ukuba avele namuhla (ngoLwesithathu) eNkantolo yeMantshi yaseProtea.

Khonamanjalo, inyunyana yothisha iSadtu ithi noma ngubani ohlukumeza izingane zesikole kufanele abhekane nengalo yomthetho.

"Sicela umthetho noMnyango wezeMfundo uqinisekise ukuthi izigilamkhuba ziyaqondiswa," kusho uNobhala Jikelele weSadtu, uMugwena Maluleke.

 - eNCA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...