Owezemfundo ushaqekile ngesihluku esenziwe umfana wesikole

2017-08-10 16:05

Durban - UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthi uphazamisekile ngesihluku esibonakala kwi-video, umfundi ehlasela omunye.

Kule video ezungeza ezinkundleni zokuxhumana, le ntombazane icindezelwe odongeni ibanjwe ngomqala yase yakeqwa.

Lo mfana ube eseyikhahlela ekhanda nasemhlane ngaphambi kokuba azihambele.

OLUNYE UDABA:Kuhlaselwe uthisha esikoleni kubangwa eyamakhosikazi

UMnyango uthi le video isithunyelelwe abaphathi beziFunda ezingu-12 ukuze kuzotholwa ukuthi lesi sigameko senzeke kusiphi isikole.

Okhulumela uMnyango uMuzi Mahlambi uthe: "Siphazamisekile ngalesi sihluku nobukhotheni obenziwa yilo mfana."

UMahlambi uthe nakuba kunezinqubo ngokuhlukumezana kwabafundi ezikoleni, abafundi namanje basanodlame kwabanye abafundi.

UMnyango unxuse ukuba abezinkundla zokuxhumana bayeke ukusabalalisa le video ngenhloso yokuvikela isisulu.

 - I-VIDEO:

 

- EWN

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...