Owezemfundo uphenya ngokuhlaselwa kwentombazane esikoleni eKZN

2017-08-12 09:04

Durban - UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthi uzoqalisa uphenyo kulandela isigameko sokuhlaselwa kwentombazane ngesihluku esikoleni iSiyathuthuka Secondary.

Ivideo etshengisa le ntombazane ibhonywa ngumfana esikoleni isabalale kuleli sonto. Kule video le ntombazane ibonakala ishaywa kanzima ngumfana emagcekeni esikole.

OLUNYE UDABA:

Amaphoyisa, ikhomishana lamalungelo abantu eningizimu afrika nabomnyango wezokuthuthukiswa komphakathi nawo azofaka isandla ekuxazululeni lolu daba.

Owomnyango wezemfundo KwaZulu-Natal uMuzi Mhlambi, uthe bafuna ukudlulisa umyalezo oqinile esikoleni nakubafundi mayelana nodlame.

Bobabili la bafundi abakule video abasafundi kulesi sikole.

Nakuba kunjalo, akucaci ukuthi ukuphi umfana. Khonamanjalo, umuntu owaqopha ivideo uzolekelela ekumtholeni.

UNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uMthandeni Dlungwane naye kulindeleje ukuba avakashele kulesi sikole ngesonto elizayo.


 - EWN

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...