OwezeMfundo uphenya ngesomfundi 'omincisa' abanye esikoleni e-KZN

2018-01-25 07:01

Durban - Kusabalale i-video etshengisa umfundi esabisa abanye abathathu ngokubashaya esikoleni, ezinkundleni yezokuxhumana.

Kule video kubonakala umfundi oyedwa esabisa abanye abafundi abathathu abancane kuye ngeminyaka.

Lo mfundi uphinde abonakale egxavuna omunye ngehembe lesikole emdushela phakathi nendawo kwababili. Ngemuva kwesikhashana ube esebaphusha ngesandla ebusweni bobathathu, bese iyaphela i-video.

USihle Mlotshwa okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthe sebesihlonzile isikole. Wathi udaba luphenywa yisifunda saseMlazi.

OLUNYE UDABA:Kuthiwa usekubhaceni umfundi,17 owenza uGrade 7

UMlotshwa uthe abanaso isiqiniseko sokuthi le video yaqoshwa nini.

Khonamanjalo, sekusabalale amanye ama-video amabili afana nale selokhu kuqale unyaka ka-2018 wokuvulwa kwezikole.

Kwenye yala ma-video kubonakala amantombazane amabili afunda esikoleni samabanga aphezulu eSydenham eqophisana ngamazwi. Ngemuva kwesikhashan la mantombazane abe esebambana ngamawashingi, elwa, phambi kwabanye abafundi.

Le video yaqoshwa ngaphandle komuzi wakhona endaweni. Kukholakala ukuthi isikole sesibize umhlangano phakathi kwabafundi nabazali.

Kwenye i-video, kubonakala umfundi ejikijela omunye ngesitini.

"UMnyango uphazamisekile ngala ma-video. Ubuqhwaga yinto embi engenayo indawo ezikoleni zethu," kusho uMlotshwa.

Ngo-Agasti wangonyaka odlule, kwaboshwa uLindokuhle Dube ngemuva kokusabalala kwe-video abonakala kuyo eshaya umfundi wentombazane esikoleni iSiyathuthuka Secondary, eNanda.

 - Daily News




- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...