Owesimame waseThekwini ubhekene nawokuqashisa ngezibhamu

2017-04-21 08:03

Durban – Umama wosana olunenyanga luzelwe uboshwe nezigebengu kanti ubhekene namacala okuqashisela izigilamkhuba izibhamu.

Okhulumela amaphoyisa uSuperintendent Sibonelo Mchunu, uthe lezi zigebengu yizo ebezihlasela kakhulu izakhamuzi zaseWestville kusukela ngenyanga kaJanuwari.

UMchunu uthe, lo mama osancelisa, ubeyingxenye yezigebengu eziyisikhombisa ezibanjwe ngempelasonto endaweni yaseClermont.

Kuthiwa abanye abasolwa batshele amaphoyisa ukuthi bebeziqasha kulo mama izibhamu.

OLUNYE UDABA:Uphume phambili ecaleni umama owalala nomfana, 14

Amaphoyisa athole izibhamu ezingu-12 kanti ezine zazo beziphethwe yilo wesimame.

UMchunu uthe sesiyanda isitayela sokuqashisa ngezibhamu kule ndawo, kubika iDaily News.

“Maningi amacala aphelela emoyeni uma ephenywa ngenxa yokuqashiswa kwezibhamu, yingakho nezigebengu zikuthanda lokhu ngoba ziyazi ukuthi izibhamu azihlali kuzo,” kusho uMchunu.

Uqhubeke wathi umuntu oqashisa ngezibhamu ngeke akwazi ukubhekana necala lobugebengu obuthile ngoba angatshela amaphoyisa ukuthi wayengekho ngesikhathi kwenziwa lelo cala futhi ubufakazi buvumelane naye.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 18-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 18-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...