Owesimame uze wabelethela eceleni komgwaqo i-ambulensi ingafiki

2018-01-12 16:02

 eGoli - Ngemuva kokuzwa indodana yakhe imemeza, owesimame ongumhlengikazi uphume emzini wakhe egijima eyobona ukuthi kwenzenjani.

Lo wesimame ogama lakhe nguRaheeza Suleman uthi uphume wagijimela emijondolo eseduze komuzi wakhe oseKnoll Place, Northdale, lapho athole khona owesimame esesimweni esibucayi kakhulu.

Uthi besebebiziwe abezimo eziphuthumayo, ngakhoke ubengahlala nalo wesimame balinde i-ambulensi noma azame ukumsiza kule nkinga abhekene nayo.

Ngokubika kwephephandaba iPublic Eye lo mhlengikazi uthole lo wesimame ebhuquza phansi ekhala, uthi ngesikhathi ebukisisa ubone ukuthi lo wesimame ukhulelwe futhi useyasikwa.

Uthi kusenjalo, kuvele kwaqhuma amanzi alo mama kwacaca ukuthi kumele amlekelele abelethele khona lapha.

OLUNYE UDABA:Owesimame ubelethele esitolo sakwaPEP eVerulam

"Ngisebenzise amagilavu ukuvikela izandla zami ngase ngiqhubeka nomsebenzi wokulekelela lo mama abelethe ingane yakhe ngoba sibona i-ambulensi ingafiki,"kusho yena.

Ngemuva kwemizuzu engu-45 lo mama ubelethe indodakazi yakhe, ngemuva kwalokhu, lo mhlengikazi kanye nomyeni wakhe bathathe lo mama nosana lwakhe babaphuthumisa esibhedlela.

I-Ambulensi ifike ngesikhathi sebelungisela ukuhambisa laba esibhedlela, ngokusho kwezakhamuzi ebezikhona, i-ambulensi ibizwe ngo-8 ekuseni kodwa ize yafika ngo-11.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...