Owesimame usolwa ngokubulala ingane yentombi yomyeni wakhe

2016-10-05 16:03

Johannesburg - UPhindile Nkabinde,26, uthole isifundo esimuncu kubulawa ingane yakhe ayithola nendoda eshadelwe.

Isoka likaPhindile okungubaba wengane odabuka kwelaseMozambique lihlala nomkalo emqashweni oseduze nalapho ehlala khona.

NgoMgqibelo uPhindile ubehleli nesoka lizobona ingane ngesikhathi kufika umkalo engasadle zinkobe zamuntu.

Lo wesimame wahilizizana noPhindile kwaze kwalamula isoka okungumyeni walo wesimame.

OLUNYE UDABA:Ugwetshiwe umama owaqwayizisa ingane efuna utshwala

“Ubedinwe eveva ememeza nokumemeza, bengingamuzwa ukuthi ubethini ngoba ubekhuluma ngolimi lwakubo, kodwa engikwaziyo wukuthi ubeyizonda ingane yami.”kusho uPhindile.

UPhindile uthe kudala bejola nesoka lakhe kodwa bebonana ebumnyameni ngoba umkakhe eneskhwele esibi kakhulu, kubika i-The Star.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...