Owesimame ushaywe nges'dunu sesibhamu ebanjwa inkunzi

2017-01-18 18:00

Durban - Isakhamuzi saseGlenashley silimale kabi sishaywa izigebengu ezimngenele kwakhe ngoLwesibili ebusuku.

Amaphoyisa aseDurban North  athi lokhu kwenzeke emzini okumgwaqo u-Adrienne Avenue ngo-7 ebusuku.

“Umnikazi womuzi ubekhona ngesikhathi kwenzeka lokhu. Uzwe umsindo uma ethi uyobheka wabona amadoda amathathu, oyedwa emi ngaphandle ekhishini eqaphe umnyango. Ababili bagqekeze lomnyango  bangena endlini.

OLUNYE UDABA:Kushone abathathu izigebengu zigasela KwaMnyandu Mall

Umsolwa oyedwa umkhombe ngesibhamu wamtshela ukuthi angabangi umsindo. Uthe ememeza efuna usizo bamshaya ngesidunu desibhamu.

“Lezi zigebengu zimbuze ukuthi uzigcina khuphi izinto zakhe ezibizayo, ubafake egumbini lapho agcina khona ubucwebe bakhe. Babuye bathatha nomabonakude.”

Kuthiwa abasolwa babaleke ngemoto yohlobo lweFord empunga, kubika iCitizen.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-21°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. PE: 15-21°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...