Owesimame uphoqwe ukuba enze ucansi lomlomo nezinja

2018-01-18 19:14

eGoli -  Umndeni wowesimame oneminyaka engu-41 ubudala waseBronkhorstspruit okuthiwa wadlwengulwa wase ephoqwa ukuba enze ucansi lomlomo nezinja ezimbili uthi ugcinwe endaweni ephephile ukuze avikeleke.

Isihlobo salo wesimame sitshele abeSowetan ukuthi umsolwa kuleli cala lokudlwengula uWillem Kroukamp, 45, uvele phambi kweMantshi yaseBronkhorstspruit kanti lo wesimame uthola ukwelulekwa kwengqondo.

UKroukamp ubhekene namacala amathathu okudlwengula, wukuthumba, amathathu okunyukubeza ngokocansi kanye nawokulimaza isakhiwo.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe owesifazane ngokuthengela isisebenzi sakhe abadlwenguli

Kuthiwa lo msolwa udlwengule ngokuphindelela lesi sisebenzi sasendlini ngaphambi kokumphoqa ukuba enze ucansi lomlomo nezinja ezimbili.

"Ikhona inhlangano esizayo ukuba akwazi ukubhekana kanye nokwedlula kulesi simo...uyalulama,"kusho lesi sihlobo.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 12-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...