Owesimame 'udlwengulwe' ngamadoda ayisikhombisa

2017-05-19 16:03

Port Elizabeth - Owesimame oneminyaka engu-21 ubudala waseHelenvale, ePort Elizabeth, kusolakala ukuthi udlwengulwe amadoda ayisikhombisa.

Ngokusho kukaColonel Priscilla Naidu lokhu kwenzeke ngomhlaka-20 Ephreli 2017 seligamenxe ihora lesibili.

“Kuthiwa ngosuku lwesigameko, lo wesimame nomngani wakhe bebehamba emgwaqeni uVoisen ngesikhathi ehlaselwa amadoda,” kusho uNaidu.

OLUNYE UDABA: Ungaphandle ngebheyili unesi ozame ukudlwengula isiguli

UNaidu uthi la madoda amyekile umngani athatha isisulu ayosifaka emjondolo. 

NgoLwesine abasolwa abathathu abaseminyakeni ephakathi kuka-22 kuya kuka-24 ubudala baboshwe ngamaphoyisa ophiko lokuvikelwa kwemindeni, ukuvikelwa kwezingane kanye namacala abandakanya ezocansi.

Laba basolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yasePort Elizabeth ngoMsombuluko ngecala lokudlwengula, kubika i-The Citizen.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...