Owesimame uboshelwe ukushushumbisa insangu eZakheni

2017-03-31 19:32

eZakheni – Kuboshwe abantu abathathu elokishini laseZakheni eMnambithi ngesikhathi amaphoyisa ephuma umkhankaso wokuqeda ubugebengu kuleli lokishi.

Kulo mkhankaso kuboshwe amadoda amabili kanye nowesimame oyedwa.

NgoMsombuluko kuboshwe owesilisa, 28 etholakala nesibhamu sohlobo lwe-9mm esingekho emthethweni.

Lo msolwa ubevele efunwa ngecala lokubamba inkunzi ekuqaleni kwenyanga. Kuthiwa wathatha iselula kamgilwa wabaleka nayo. Uzobhekana namacala amabili, elokutholwa nesibhamu esingekho emthethweni nelokubamba inkunzi.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa ashaqe insangu yenani lika-R140k

Amaphoyisa eqhubeka nomkhankaso abophe owesifazane oneminyaka engu-42 ngecala lokudayisa insangu.

Athole izikhwama eziyisishiyagalombili zensangu emzini womsolwa. Kusolwa ukuthi ubeyidayisela abantu kule ndawo. Le nsangu kutholwe ukuthi ingadayiswa ngo-R150 000.

Khona eZakheni kuboshwe omunye umsolwa oneminyaka engu-22 Uubudala ngecala lokugqekeza. Kuthiwa wangena emzini womuntu ngesikhathi belele ehamba nomunye bathatha ithelevishini namaselula, babaleka. Omunye umsolwa usathungathwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe bonke abasolwa bezovela enkantolo yaseZakheni kuleli sonto.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-16°C Sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...