Owesilisa wase-KZN ogixabezwe ngodilikajele abangu-12 ngawokudlwengula

2017-04-21 07:09

Durban – Owesilisa waKwaZulu-Natal, uMhlabunzima Goodness Zondi, wehliselwe isigwebo sodilikajele abangu-12 ngamacala angu-12 okudlwengula abebekwe wona, kusho amaphoyisa ngoLwesine.

UZondi, 39, ugwetshwe eNkantolo yesiFunda yaseThekwini ngoLwesithathu ngala macala okuthiwa wawenza phakathi kuka-2009 no-2013.

Ube esegixabezwa ngeminyaka engu-77 isihlanganisiwe ngamacala abandakanya ukuthumba, ukukhomba ngesibhamu kanye nokweba, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala.

UZondi wabanjwa ngemuva kokuthi esinye sezisulu zakhe, esasineminyaka engu-17 ubudala ngo-2013 ngesikhathi esidlwengula, simfanisa edolobheni eGreytown sase sibikela amaphoyisa zamkhalela kanjalo.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa athungatha abasolwa ababili ngawokudlwengula

UZondi wabe eseyamaniswa namanye amacala angu-11 okudlwengula ngohlelo lolibofuzo.

Kuthiwa le mikhuba wayeyigila eGreytown, enkabeni yeTheku, eNew Hanover, eShowe, eMgungundlovu naseMelmoth, kusho uGwala.

Kuthiwa wayeyenga izisulu zakhe ngokuzinika u-lift, bese ehamba nazo eya endaweni eqhelile lapho ayefike azidlwengule khona bese ezilaxaza eceleni komgwaqo.

Lowo oyibamba likaKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uMajor-General Bheki Langa ubashayele ihlombe abaseshi ngomsebenzi omuhle.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-25°C High level clouds. Mild.
Jhb: 7-21°C High level clouds. Mild. Bloem: 5-25°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...