Owesilisa uthole udilikajele ngelokudlwengula

2017-07-05 07:08

Johannesburg - Igixabezwe ngodilikajele indoda eneminyaka engu-38 ubudala ngecala lokudlwengula, kusho amaphoyisa aseNorth West ngoLwesibili.

USergeant Kelebogile Moleko uthe u-Abram Mosete ugwetshwe eNkantolo yesiFunda yase-Itsoseng ngoMsombuluko, ngamacala awenza ngomhlaka-4 Meyi 2013.

OLUNYE UDABA: Kugwetshwe umdlwenguli eMpangeni

Uthe uMosete ugwetshwe izinyanga ezine ebhadla ejele ngecala lokucekela phansi impahla, izinyanga ezingu-18 ngokweqa esitokisini nodilikajele ngokudlwengula.

UKhomishana wamaPhoyisa esifundazwe iNorth West, uLieutenant-General Baile Motswenyane, nabaphathi basamukele isigwebo.

Lokhu kulandela ukuthin umalume waKwaZulu-Natal ugixabezwe ngodilikajele kulandela ukulahlwa yicala lokudlwengula umshana wakhe oneminyaka eyisithupha ubudala ngo-2016, kusho amaphoyisa.

Le ndoda, 30, igwetshwe eNkantolo yesiFunda yaseMthunzini ngoMsombuluko kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane.

"Kusolakala ukuthi gomhlaka-30 Agasti ummangalelwa wathuma umshana wakhe ukuba ayomshajela umakhalekhukhwini wakhe kamakhelwane.

“Kwathi umshana esendleleni ebuyela ekhaya, ummangalelwa wayesevele emcuthele endleleni wabe eseyamphoqa ukuba angene esikhotheni esiseduze kwendlela wabe eseyamdlwengula,” kusho uZwane.

 - ANA

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...