Owesilisa usolwa ngokudubula owesifazane ‘onqabe ukuhamba naye’

2017-08-20 19:09

Johannesburg – Owesilisa oneminyaka engu-30 ubudala ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngemuva kwezinsolo zokudubula owesifazane washona ngaphandle kwendawo yobumnandi eSunnyside, ePitoli.

Ngokubika kwe-EWN, le ndoda iboshwe ngeSonto ngemuva kokubaleka endaweni yesigameko.

Umsolwa kukholakala ukuthi udubule lo wesifazane ngemuva kwengxabano.

Kube sekushaqwa isibhamu esicishiwe izinombolo kanye nezinhlamvu ngesikhathi eboshwa kanti kulindeleke ukuba avele enkantolo ngecala lokubulala nokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.

OLUNYE UDABA: Umnikazi womuzi udubule wabulala umgqekezi

Lo wesifazane ushone ngemuva kokudutshulwa ekhanda.

ushonele khona endaweni yesehlakalo.

Imininingwane engaqinisekiswanga ezungeza ezinkundleni zokuxhumana iveza ukuthi lo wesifazane udutshulwe ngumsolwa ngemuva kokunqaba ukuhamba naye nabangani bakhe ngemuva komthengela iziphuzo e-Ayepyep Lounge.

Nokho umnikazi wale ndawo uyaphika ukuthi lesi sigameko senzeke endaweni yakhe.

Uthi lo wesifazane udutshulwe engaphakathi emotweni yohlobo lweMercedes-Benz Viano, emgwaqeni owodwa nendawo yakhe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-24°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 23-28°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-23°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...