Owesilisa uklinye, wabulala intombi maqeda wazilengisa eKZN

2017-06-24 09:10

Durban - Kuvulwe idokodo ngemuva kokutholakala kwezidumbu ezimbili endaweni yaseNkampini eGcilima, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal.

Lezi zidumbu ngezezithandani zakhona endaweni kanti kuthiwa zatholwa ngumama wesoka ngoSuku lweNtsha, ngoLwesihlanu, ngomhlaka-16 Juni, kubika iSouth Coast Herald.

Kukholakala ukuthi isoka, 26, laklinya labulala intombi, 26, ngaphambi kokuzilengisa ngentambo ngaphakathi egumbini.

OLUNYE UDABA: Kutholakale izithandani zishonile

Okhulumela amaphoyisa aseMargate uCaptain Gerald Mfeka usiqinisekisile isigameko.

Uthe owesifazane watholwa eshonile ngasembhedeni, owesilisa yena okukholakala ukuthi uyisoka, watholwa elenga ngentambo ophahleni.

Kuvulwe idokodo emaphoyiseni aseMargate.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...