Owesilisa uhlaselwe wabulawa emzini oseGoli

2018-03-18 16:48

Johannesburg - Owesilisa ubulewe kulandela ukuhlaselwa emzini oseGolfpark eMeyerton‚ eningizimu yeGoli, ngoMgqibelo ntambama, kusho abosizo lokuqala.

Okhulumela i-ER24 uRussel Meiring uthi abosizo lokuqala bakwa-ER24 babizwe ngumphakathi endaweni yesigameko.

Bathole iziphathimandla zendawo kanye nabezicimamlilo sebefikile.

OLUNYE UDABA: Kuthungathwa abadubule amaphoyisa

“Abosizo lokuqala bayiswe ngemuva kwendlu, nokuyilapho bethole khona isidumbu sowesilisa, sidindilize phakathi nengadi.

“Owesilisa uhloliwe, kwatholakala ukuthi ubenenxeba lokudutshulwa ekhanda futhi zingekho nezimpawu ezikhomba ukuthi ubesaphila.

“Bekungekho obekusangenziwa ngaye, kwaqinisekiswa khona lapho endaweni yesigameko ukuthi ushonile,” kusho uMeiring.

- Sowetan Live

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...