Owesilisa udlwengulele inja ethoyilthi lomgodi

2017-06-30 19:30

Johannesburg - Amaphoyisa aseMamelodi athungatha indoda esolwa ngokudlwengula inja ethoyilethi endaweni esemjondolo yaqeda yaphela endaweni.

Lesi sigameko kuthiwa senzeke ekuseni ngomhlaka-11 Juni, kubika iRekord East.

Umakhelwane, u-Andile Mabela, uthe ubebuya emsebenzini ekuseni ngesikhathi umfana emutshela ukuthi uzwe kukhala injka ethoyilethi lomgodi.

"Ngesikhathi sengiyobheka, ngibone izinyawo zenja kwathi uma ngivula umnyango, ngabona indoda ibambe inja."

OLUNYE UDABA:Uthi wahletshelwa ngamazwi owadlwengula inja

UMabela ubuze le ndoda ukuthi yenzani.

Ivale umnyango wethoyilethi yathi icishe yabanjwa inkunzi manje ifuna okhiye bendlu yayo. Ithe ibihambe nayo inja.

UMabela ube esebiza umfowabo ezombukisa, kodwa umsolwa ube esevele elahla phansi inja wabaleka.

"Le nja ebikhungathekile ibisezinhlungwini ingakwazi nokuhamba," esho.

"Umnikazi wenja utholwe ngemuva kwesigameko, sabe sesiyovula icala emaphoyiseni, kodwa amaphoyisa awakwazanga ukusisiza. Avele asihleka ngesikhathi silandisa ngodaba."

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Michael Mbewe uqinisekise ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokulala isilwane.

Isikhulumi se-SPCA u-Andrew Kekana uthe ngesikhathi siyithola inja, inja ibonakale isezinhlungwini futhi yopha.

"Iyiswe emtholampilo wezilwane eTshwane SPCA  iyohlolwa mase iyalashwa ngosuku lwesigameko, Siphinde savula necala lokuhlukumeza inja," kusho uKekana.

Uthe inja ishone ngosuku olulandela isigameko.

Umnikqazi wenja uhluleke nokuphawula ngodaba.

Umsolwa kukholakala ukuthi uneminyaka ebalelwa ko-30 ubudala.

UMbewe ucele amalungu omphakathi ukuba asize amaphoyisa ngemininingwane engase iholele ekutheni kuboshwe le ndoda ngokushayela ku-08600 10111.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Scattered showers. Clearing skies. Cool. Pta: 13-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...