Owesilisa ubulale unina emsola ngokuthakatha

2017-04-19 19:31

Mpumalanga - Kulindeleke ukuba ivele eNkantolo yeMantshi yaseTonga eMpumalanga indoda eneminyaka engu-26 ubudala ngezinsolo zokubulala unina ngempelasonto yePhasika.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Leonard Hlathi uthe umsolwa kusolakala ukuthi usole unina ngokuthakatha kulesi sigameko esenzeke eMdladla Trust eduzane naseMalalane ngeSonto, kubika iLowvelder.

"Umsolwa ube esethatha isikelo wagwaza ngaso unina. Amaphoyisa nabosizo lokuqala babizelwe endaweni yesigameko, bafika isisulu sesishonile. Amaphoyisa avule icala lokubulala," kusho uHlathi.

OLUNYE UDABA: Kubulawe owesifazane ngezinsolo zokuthakatha

Umsolwa uzovela enkantolo kusasa (ngoLwesine).

Khonamaknjalo, kwesinye isigameko esenzeke ngalo lolu suku, indoda eneminyaka engu-26 ubudala ishaywe yabulawa ngamadoda amathathu eNaas, ngakhona eMalalane.

"Kubikwa ukuthi amadoda amathathu aneminyaka ephakathi kwengu-21 nengu-23 ubudala, ahlanganyela isisulu ngesikhathi siphuma ethaveni ezintatha asisola ngokuwabamba inkunzi. Abe esebeqala esishaya saze sashona," kuqhuba uHlathi.

Kuphenywa icala lokubulala. Bobathathu abasolwa baboshwa kanti bazovela kusasa (ngoLwesine) eNkantolo yeMantshi yaseTonga. 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...