Owesifazane waseBallito uqinisekisa eyokushada noJacob Zuma

2018-04-20 14:05

Sekuvele imibiko ethi owesifazane waseBallito, KwaZulu-Natal, uzoshada nalowo obengumengameli wezwe, uJacob Zuma, okusho ukuthi uzoba ngunkosikazi wesikhombisa.

UNonkanyiso Chonco uqinisekise kwiTimesLIVE ukuthi uzogcagcela kwaZuma.

“Yebo, siyashada, kepha ngeke ngikwazi ukugeqa amagula. Kumele ngikhulume nabathile ngaphambi kokuba ngiphawule ngalolu daba," esho.

Akazange avume nokuphawula ngokuthi washelwa kanjani nokuthi sithini isimo sobudlelwane bakhe noZuma.

OLUNYE UDABA: Ziyawushaya kwaZuma

UChonco ungumqondisi wenhlangano ezinze eMgungundlovu, iNomkhubulwane Culture and Youth Development Organisation‚ okuhloswe ngayo ukuvikela usiko lokuhlolwa kwezintombi zakwaZulu.

UChonco uzoba ngunkosikazi kamagcino kaZuma, kanti lo mholi umshiya ngeminyaka engu-52 yobudala.

UZuma‚ ongakufihli ukuthi unesithembu, ushadelwe nguGertrude Sizakele Khumalo‚ uThobeka Madiba-Zuma noBongi Ngema-Zuma. Wadivosa noNkosazana Dlamini-Zuma kanti uhlala ngokwehlukana noNompumelelo Ntuli-Zuma.

UZuma ubehlanganisa iminyaka engu-76 edla anhlamvana, kwephezulu.

Ngokombiko weThe Citizen, uZuma nomndeni wakhe sebelobolile kwaConco kanti yomibili imindeni kuthiwa ijabule ngalobu buhlobo.

Umthombo osondelene nalolu daba upotshozele iThe Citizen ukuthi "yomibili imindeni ijabule kakhulu".

"UZuma wathembisa ukuthi uzoyithatha le ngane uma esehlile kwesokwengamela izwe, nebala wasigcina isithembiso sakhe," kusho umthombo.

Bheka isithombe sikaChonco lapha.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...