Owesifazane wakuleli uvele enkantolo yaseHarare ngelezidakamizwa

2018-01-03 16:00

Harare - Owesifazane waseNingizimu Afrika oneminyaka engu-34 ubudala uvelile enkantolo eHarare ngecala lokushushumbisa izidakamizwa.

Lo wesifazane kusolwa uktuhi ubeshushumbisa izidakamizwa zohlobo lwe-cocaine ezinesisindo esingu-5kg ezifihle kokotini.

Igama lalo wesifazane wakuleli kuthiwe nguThlinolui Jack, 34. Uvelile eNkantolo yeMantshi yaseHarare ngoLwesithath ngecala lokushushumbisa izidakamizwa.

OLUNYE UDABA:

Abezindaba bathi uJack ufike eRobert Mugabe International Airport ngobusuku obandulela uNcibijane ephuma e-Angola.

Abaseshi bakhuthuza isikhwama sakhe bathola izidakamizwa ezingu-5kg ze-cocaine. Lezi zidakamizwa zilinganiselwa emalni engu- US$400,000.

NgoJuni ngonyaka odlule, kwagwetshwa owesifazane waseZimbabwe iminyaka engu-10 ejele ngemuva kokubanjwa nezidakamizwa ezingu-4kg zohlobo lwe-cocaine esuka eBrazil.

 - EWN

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...