Owesifazane uzibelethise usana wase 'eyalunklinya, lwashona'

2017-11-13 19:32

Johannesburg - Amaphoyisa aseRandfontein, eWest Rand, aphenya icala lokubulala kulandela izinsolo ezithi umama unklinye usana lwakhe olusanda kuzalwa, lwashona, kubika iRandfontein Herald.

Lesi sigameko kubikwa ukuthi senzeke ngomhlaka-12 Novemba (izolo) emijondolo yaseBundu Inn, khona eRandfontein.

Owamaphoyisa uCaptain Appel Ernst uthe: "Kusolakala ukuthi owesifazane, 26, ubelethele le ngane yomfana ekhaya, wabe eseyayinklinya.

"Ube esephuthunyiswa esibhedlela umama ukuze ayothola usizo lwezempilo. Okwamanje akucaci ukuthi yini eholele ekutheni abulale ingane yakhe, kanti kuyaphenywa."

OLUNYE UDABA: Uzale ingane wase eyihlahlela ngocelemba

Umseshi kuleli cala uWarrant Officer Rupert van Zyl unxusa ongaba nolwazi mayelana nalesi sigameko ukuba axhumane naye kwethi 011 278 8100.

Kwesinye isigameko esenzeka eZimbabwe ngoJuni nonyaka, owesifazane owagqiba ingane yakhe iphila, utshele inkantolo ukuthi wenza lokhu ngoba usevele unayo enye ingane enezinyanga ezingu-14 izelwe futhi wayengeke akwazi ukuzondla zombili lezi zingane.

UFlorence Chinyamunguri, 23, wamba umgodi ongashoni, wafaka ingane yakhe phakathi wase eyayigqiba ngomhlabathi wabeka utshani ngaphezulu, kusho umbiko weManica Post .

Akekho owambona egila lo mkhuba ngoba umyeni nezihlobo babesemsebenzini.

Kepha kwathi ngemuva kwehora umelusi wezinkomo wezwa ingane ikhala wase ecela usizo, ngokusho kwaleli phephandaba.

Ingane yashonela endleleni eya esibhedlela.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...