Owesifazane uthi walinda izinsuku ezintathu ukususelwa ingane esiswini

2018-03-19 12:48

Johannesburg - Umama okhulelwe, oshonelwe yingane, uchazele abezindaba i-Eyewitness ngesimo esibuhlungu adlule kuso ngaphambi kokususelwa ingane esiswini.

Lo mama uthi  walinda izinsuku ezintathu ngaphambi kokususelwa ngenxa yezinga eliphezulu labantu ababeletha ngomthungo esibhedlela iRahima Moosa Mother and Child eGoli.

URegina Ndahamana wafika esibhedlela ephethe incwadi yokudluliselwa esibhedlela ngoLwesithathu olwedlule watshelwa ukuthi inhliziyo yengane ayisashayi.

OLUNYE UDABA:Ishonile ingane okusolakala ukuthi ikhingcwe wubisi enkulisa

OwoMnyango wezeMpilo uHennie Lombar, osebenzela kulesi sibhedlela, uthe sasisikhulu isibalo somama ababebelethiswa ngomthungo okwaholela ekutheni kube nokubambezeleka kodwa impilo yalo mama ayikaze ibesengozini.

"NgoMsombuluko, ingane yayikhahlela, kungathi ifuna ukuphuma."

UNdahamana ubekhihla isililo ngesikhathi elandisa udaba lwakhe kwabezindaba esontweni eledlule ingane yakhe yayisaphila kodwa ngoLwesibili waqala wezwa izinhlungu wabe esetshelwa ukuthi ingane isihonile.

UNdahamana ezihambela nesisu sakhe esibhedlela, umyeni wkahe uHussein Ramadhani utshele i-EWN ukuthi umbungu uze wasuswa sekuphele izinsuku ezintathu.

"Awucabanga nje izinsuku ezinthathu, ingane isasesiswini isiphume umphefumulo ingakhishwa.

URamadhani, odabuka eBurundi wayelala emotweni yakhe ngaphandle kwasesibhedlela elinde unkosikazi wakhe.e.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...