Owesifazane uthelwe nge-acid kudunwa imoto

2017-07-27 09:34

Johannesburg – Owesifazane uthelwe nge-acid ebusweni esigamekweni sokudunwa kwemoto okuthiwa senzeke eMaraisburg ngoLwesithathu ntambama, kusho abosizo lokuqala.

Ushiswe yi-acid ebusweni nasesifubeni, kanti ungeniswe esibhedlela iHelen Joseph esesimweni esibucayi, kusho okhulumela i-ER24 uRussel Meiring esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Ushonile odutshulwe ebusweni esemzini wakhe

Utshele abosizo lokuqala ukuthi ubepake ngaphandle komuzi wakhe, ku-The Triangle Road, ngesikhathi ethelwa nge-acid ebusweni.

Izigebengu zebe imoto yakhe. Ubonwe umakhelwane, obe esemnikeza usizo.

Iziphathimandla ziyaphenya.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...