Owesifazane usola onesi ngokuphula isandla sosana lwakhe

2017-03-04 12:06

Johannesburg - Usola onesi basemtholampilo iTlhabane umama waseFreedom Park eduzane naseRustenburg eNorth West ngokuphula isandla sengane yakhe ayithola ngomhlaka-019 Febhuwari.

Lo mama osemncane, oneminyaka engu-19 ubudala ogama lakhe ngu-Selina Tsotetsi wabeletha ngomhlaka-19 Febhuwari emtholampilo ngaphambi kokudluliselwa esibhedlela iJob Shimankana Tabane eRustenburg.

UTsotetsi othe injabulo yakhe yasheshe yashabalala kulandela ukuthola ukuthi ingane yakhe iphukelwe yisanda uthe: " Ngesikhathi ngibuza ukuthi kwenzekeni esandleni onesi bamuthethisa, bethi yimi engenze iphutha.

OLUNYE UDABA: Uvelile umama wengane eyatholakala ku-N1

"Angiqondi ukuthi ngingasiphula kanjani isandla sengane ngingakayiphathi nokuyiphatha.

"Angazi ukuthi kwenzekani futhi ngesikhthi ngifuna incazelo konesi, ngatshelwa ukuthi angithule ngoba ngikhuluma kakhulu."

UTsotesi uthe ingane yakhe yayilokhu ikhale njalo ngenxa yezinhlungu.

"Engifuna ukukwazi ukuthi kwenzakalani enganeni yami."

Umama kaTsotetsiu-Annah Tsotetsi, 44, ongumama wezingane ezingu-9, uthe kwakunzima zonke izinsuku njengoba kwakufanele asize undodakazi njalo ebusuku.

"Kufanele engabe kumnandi ekhaya, kuodwa kubuhlungu, ukubona inganeisezinhlungwini ngaloluhlobo."

Okhulumela uMnyango wezeMilo eNorth West, uTebogo Lekgethwane, uthe, umnyango ubungazi ngalolu daba.

ULekgethwane ube esethi umnyango uzolulandela udaba.

 - Daily Sun

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...