Owesifazane usola iphoyisa laseNtuzuma ngokumumuncisa ubuntu

2016-04-28 12:32

Durban – Uthi akawafuni nala ehambe khona amaphoyisa owesifazane waseNtuzuma, ngaphandle kweTheku, othi wamunciswa yiphoyisa isitho sangasese.

Uthi lokhu kwenzeka esitokisini eboshelwe ukunqaba ukuboshwa ngoJanuwari.

Lo wesifazane, eligodliwe igama lakhe, uthi kumphatha kabi ukuthi kuze kube yimanje umseshi akaze amthinte kusukela avula icala kwabe-Ipid.

Uqhuba ngokuthi icala ayeboshelwe lona liyaqhubeka.

Uthi inkinga yaqala ngesikhathi emiswa amaphoyisa ehamba nabafowabo, acela ukusesha imoto, nokho uthi wangakwazi ukuba la ekhonjiswa khona ngoba indawo iyimbi.

OLUNYE UDABA: Ushumpulwe ubuntu umyeni obanjwe ezitika ngocansi

“Ngabe sengiyovula icala emaphoyiseni aseNtuzuma, iphoyisa lesifazane laqhamuka langithuka lathi ngiyisf*be esihamba namaphara. Konke lokhu sikusho phambi kwabantu. Amaphoyisa amanye ebuka engangilamuleli ngisho sengiwacela,” esho.

Uthi abe eseqhamuka la maphoyisa abembopha emgwaqeni amgaxa ozankosi ethi ubalekile endaweni yesigameko.

“Kungixakile-ke lokho ngoba yiwo amaphoyisa asidedela, mina ngase nginquma ukuya esiteshini,” esho.

“Abe esengithatha angifaka esitokisini, elinye langidonsa langifaka umunwe esithweni sangasese kubukele amanye amabili.

“Ngabe sengiyiswa kwelinye igumbi kwathiwa angincele ubuntu belinye lala maphoyisa.”

Thola udaba oluphelele ephephandabeni iLANGA.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...