Owesifazane ungcwatshwe ephila eF State

2016-02-10 14:28

Bloemfontein – Owesifazane waseFree State otholwe ephile ethuneni elingashoni uyalulama esibhedlela, kusho amaphoyisa ngoLwesithathu.

NgeSonto ekuseni amalungu omphakathi athola lo wesifazane eshaywe kanzima kubekwe namatshe phezu kwakhe esigodini esiseMabolela eQwaqwa, eFree State, kusho okhulumela amaphoyisa uMmako Mophiring.

OLUNYE UDABA:  Kutholwe isidumbu sowesifazane sishumpuliwe eLimpopo

"Lo wesifazane wagcina ukubonakala ngoMgqibelo ekuseni ephuma nendoda engaziwa ethaveni. Akwaziwa ukuthi kwenzekalana kanti nesizathu sokushaywa kwakhe asaziwa," kusho uMophiring.

Kuphenywa icala lokuzama ukubulala.

Akukaboshwa muntu.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     



- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...