Owesifazane ubelethele enxanxatheleni yezitolo

2018-03-13 12:31

Johannesburg - Owesifazane obezithwele ubelethe usana lomfana ehhovisi lonogada basenxanxatheleni yezitolo iNorthriding.

Abosizo lokuqala bakwa-ER24 babizwe ngonogada endaweni yesigameko bafica lo wesifazane elele phansi ehhovisi lonogada, kusho uRussel Meiring, okhulumela le nkampani.

OLUNYE UDABA:Owesimame ubelethele esitolo sakwaPEP eVerulam

"Lo wesifazane ubesizwa ngamalungu onogada. Abosizo lokuqala babe sebeqhubeka la okugcine khona onogada. Ngemuva kwesikhashana, ube esebeletha usana lomfana," esho.

Usana nomama walo babe sebephuthunyiswa esibhedlela iRahima Moosa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...