Owesifazane okhulelwe udutshulwe esiswini emngcwabeni

2018-01-21 18:05

Johannesburg – Owesifazane okhulelwe udutshulwe esiswini emile ngaphandle komuzi ngesikhathi kunomngcwabo eHelenvale, ePort Elizabeth, ngoMgqibelo, kusho amaphoyisa ngeSonto.

"Abantu abangaziwa baqhumise isibhamu emgwaqeni,” kusho uColonel Priscilla Naidu esitatimendeni. 

"Ube esedubuleka [owesifazane]."

Owesifazane,27, ubeye emngcwabeni esuka eKapa.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe abesilisa abane abazame ukubulala 'owebe iselula'

UNaidu uthi owesifazane ube esehlinzwa, wakhishwa ingane. Akazange asho ukuthi umama nengane basesimeni esinjani.

Amaphoyisa ayaphenya ngecala lokuzama ukubulala.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...