Owesifazane obekhulelelwe ushayiswe yiguzu washona

2018-04-15 12:01

Johannesburg - Owesifazane obekhulelwe ushayiswe yisitemela washona ngasemijondolo yaseCamperdown eKZN ngoLwesihlanu ebusuku.

Okhulumela i-ER24, uRussel Meiring, uthi owesifazane, okukholakala ukuthi uneminyaka engu-32 ubudala, ushayiswe yisitimela ngezithuba zabo-23:00 ngoLwesihlanu.

Uthi abosizo lokuqala bakhonijswe lapho kutholakale khona owesifazane, obelimele kabi, zingekho nezimpawu ezikhomba ukuthi usaphila.

OLUNYE UDABA: Ingane, 8, ibulawe umlilo eGauteng

"Ngeshwa, akukho obekusangenziwa ngaye, kwaqinisekiswa khona lapho ukuthi ushonile,” esho.

UMeiring uthe akekho othole ukulimala kulabo ebebegibele iguzu.

Imbangela yesigameko ayikaziwa okwamanje kodwa iziphathimandla ziyaphenya.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...