OweKwaito ugwetshwe engu-15 esejele ngelokudlwengula umshana

2017-10-17 10:46

Johannesburg - INkantolo yeMantshi yaseRoodepoort entshonalanga yeGoli, namuhla (ngoLwesibili) igixabeze isihlabani somculo weKwaito, uSipho "Brickz" Ndlovu ngeminyaka engu-15 ebhadle ejele.

Lo saziwayo ulahlwe yicala lokudlwengula umshana wakhe oneminyaka engu-17 ubudala emzini wakhe oseGoli ngoNovemba 2013.

OLUNYE UDABA:UBrickz uzogqunywa esitokisini aze agwetshwe

Lo wesifazane oseneminyaka engu-22 ubudala manje wakhuluma ngesitatimende wathi ngemuva kokudlwengulwa ubesekuthola kunzima ukuphila.

Kunezinsolo zokuthi ubesenemicabango yokuzibulala.

Imali yebheyili kaBrickz engu-R50 000 ihoxisiwe ngemuva kokulahlwa yicala.

Kuzokhumbuleka ukuthi unkosikazi kaBrickz wethula ubufakazi enkantolo wathi kwesinye isikhathi wayemvumela lo mculi ukuba enze ucansi nabanye abantu phambi kwakhe ngoba encenge ukuthi umshado wakhe ungabhidliki.

Wathi kokunye uBrickz wathenga umqwayizi balala naye bobabili.

Kusaqhubeka leli cala kwaphinde kwavela ukuthi uNqobile uzithwele.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...