OweBhakabhaka usinde kwesokudubula eTembisa

2017-03-12 15:32

Durban -UThabo "Festival" Matlaba ongumdlali wasemuva kumaBhakabhaka ubandakanyeke esigamekweni sokuhilizisana ngezibhamu eTembisa.

Lokhu kwenzeke endaweni yasePhomolong kulo leli lokishi kanti lesi sigameko siphethe ngokuthi owesilisa oyedwa alale esibhedlela.

Yize imininingwane ingacacile kahle kodwa abeSunday World babika ukuthi lokhu kwenzeke ngo-4 ekuseni ngeSonto eledlule kanti uMatlaba uhilizisane namadoda abehamba ngetekisi le-Uber.

OLUNYE UDABA:Ngabe lokhu kusho ukuthi amaphoyisa adayisa izibhamu?

Kuthiwa uMatlaba kanye namanye amadoda abehlome ngezibhamu abike lolu daba esiteshini samaphoyisa eRabie Ridge.

Okhulumela amaphoyisa uMofa Masela ukuqinisekisile ukuthi uMatlaba uvule icala lokuzama ukubulala kodwa alukho uphenyo oluzokwenzewa ngoba icala libuye lahoxiswa.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...