Owe-EFF ukhwele wadilika ku-Vodacom ngokubiza kwama-data

2016-09-21 18:00

Cape Town – Isikhondlakhondla senkampani yezokuxhumana, uVodacom, ubhekane nemibuzo enzima ebivela kumalunga ephalamende ngenkathi uzokwenza izethulo mayelana nodaba oseluphenduke undabamlonyeni kuleli lokumba eqolo kwama-data.

Le nkampani ibiyenza izethulo ekomitini lezokuxhumana kanye nezamaposi ephalamende ngoLwesithathu.

Lokhu kuza emva komkhankaso oqalwe ngomunye wabasakazi abadume ngokuzikhulumela kuleli, uThabo “Tbo Touch” Molefe, i-#FeesMustFall, nokuhloswe ngawo ukuba izinkampani zezokuxhumana zehlise intengo yama-data, nokwiyiwona asetshenziswayo kwi-internet.

OLUNYE UDABA: Umkhankaso obhekiswe kwizinkampani zezokuxhumana #DataMustFall

Ilunga le-EFF ephalamende, uFana Mokoena, ugxeke uVodacom ngokusebenzisa amagama amakhulu ukuze udidise abantu nokuthi ubalekele umbuzo wokuthi kungani intengo yamadata iphezulu kangaka.

“Okuyiqiniso la ukuthi intengo ibiza kakhulu. Siyazi ukuthi uVodacom unentengo ebiza kakhulu ezweni.

“Abantu bayakhononda, hhayi ngentengo kuphela, kodwa banikwa ama-data aphela ngokushesha,” kusho uMokoena, engeza ngokuthi kodwa uVodacom ukhipha umbiko otusayo phezu kwalokhu.

UVodacom ukhale ngokuthi ukubiza kobuxhakaxhaka bezokuxhumana uma ngabe besabalala ezweni lonke yikhona okudala intengo ephezulu.

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...