Owe-ANC uthi abayingeni eyezinsolo kulandela umdwebo

2016-07-18 10:03

Durban - UKhongolose uthi ayiyingeni eyezinsolo ezenziwe yindodana kaMengameli Jacob Zuma, u-Edward Zuma, ezithi kukhona abaholi benhlangano abathuma umdwebi u-Ayanda Mabulu ukuba adelele ubaba wakhe ngemidwebo ehlambalazayo.

Okhulumela i-ANC uZizi Kodwa uthe akukho abazokuphendula ngezinsolo kodwa kufanele kukhulunywe naye u-Edward ngalezi zinsolo.

OLUNYE UDABA: Indodana kaZuma ishiye engalazi kogxeke iSilo

"U-Edward akasiye okhulumela i-ANC ngakho sicela nikhulume naye ngakushilo. Thina akukho esingakusho," kusho uKodwa.

Ngokombiko wephephandaba iSolezwe u-Edward usole ukuthi kunabaholi abahluleka ukukhipha uZuma esikhundleni asebesebenzisa uMabulu ukuhlambalaza ubaba wakhe ngemidwebo.

Umdwebo okukhulunywa ngawo yilo oveza uZuma enelungu lomndeniwakwaGupta u-Atul emanyaleni.

U-Edward ngesonto eledlule wathi usezimisela nokuboshwa ngoba uyomenzakalisa uMabulu uma behlangana.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-20°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...