Owazakhela igama ku-Ashes to Ashes ujoyina uZalo

2017-03-01 18:05

Johannesburg - Usejoyine umdlalo owuchungechunge kumabonakude, uZalo, umlingisi, uNyalleng Thibedi owazakhela igama ku-Ashes to Ashes eyayidlala ku-e.tv ngo-2015.

Lesi simomondiya saseSoweto sizodlala indawo kaZekhethelo Mhlongo, indodakazi kaNkunzi efunwa phansi phezulu nguMxolisi.

UThibedi owayedlala indawo kaMpho ku-Ashes to Ashes uthe kumthathe isikhathi ukujoyina uZalo njengoba esezame kathathu ukungena kulo mdlalo.

OLUNYE UDABA: OwoZalo ujoyina iThe Queen

Lo mlingisi waqala ukuzama inhlanhla ngo-2015 kodwa kwangalunga waphinda kabili ngo-2016; okokuqala akulunganga kwaze kwalunga ngo-Septhemba esethola indawo yokudlala uZekhethelo eyaqinisekiswa ngomhlaka-3 Disemba.

UThibedi uthe kumnandi ukusebenzisana nethimba lalo mdlalo ophrojuswa yi-Stained Glass Productions.

Okhulumela uZalo uKoketso Phala uthe: "UNyalleng uzoqala ukuvela ngoMashi. Sijabule kakhulu ukuthi umdlalo uzojoyinwa ngumuntu onekhono elifana nelakhe. 

"Lo mlungisi akusiye kuphela umdlali omusha ozobe ejoyina lo mdlalo odlala phakathi nezinsuku. Usanda kujoyinwa yinkakha yomlingisi uLuthuli Dlamini odlala indawo kaBheki Zulu ongummeli."

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Useyilaxazile i-ANC uMakhosi Khoza

Emizuzwini eyi-0 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More sun than clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...