Owayeyisoka 'unqume' owesifazane uqhoqhoqho washona e-KZN

2017-10-19 11:01

Durban - Ushonile owesifazane okusolakala ukuthi uhlaselwe ngowayeyisoka lakhe enxanxatheleni yezitolo esogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele usiqinisekisile lesi sigameko esenzeke eBallito Junction Mall ngoLwesithathu, wathi umsolwa useboshiwe, kubika iMercury.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo zakwa-IPSS Medical Rescue, uPaul Herbst, uthe lo wesifazane uphelele endaweni yesigameko.

“Sithe uma sifika endaweni yesigameko sathola ukuthi lo wesifazane unqunywe uqhoqhoqho. Bekungekho ebesingasakwenza ukumsiza, wabe esehlonzwa njengoshonile khona endaweni yesigameko."

OLUNYE UDABA: Kutholwe owesifazane enqunywe uqhoqhoqho eMsinga

Kuthiwa lo wesifazane kusolakala ukuthi ubevele eyisisulu sodlame lwasekhaya.

Kukholakala ukuthi le ndoda ayethandana nayo ifike lapho esebenzela khona, bobabili baya endaweni yokudlela, kwathi uma owesifazane eya endlini encane umsolwa wamlandela.

Kuthiwa abantu ababili abebesendlini encane nabo bezwe lo wesifazane esekhala, bathi bayobheka bamthola egxaza igazi.

Umsolwa ube esekhala amaphepha endaweni yesigameko, kepha onogada basenxanxatheleni yezitolo bakwazi ukumbamba kwaze kwafika amaphoyisa.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 12-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...