Owayeyiphoyisa ulunywe wabulawa yinja yakhe

2018-02-13 07:02

Cape Town - Iphoyisa eselathatha umhlala phansi lishone kabuhlungu ngemuva kokulunywa yinja yalo emzini oseBelmont Park, eKraaifontein, ngeledlule. 

Inja yajikela umnikazi wayo oneminyaka engu-50 ubudala, kanye nomkakhe, uRuth, okumanje use-ICU eKarl Bremer Hospital.

Omakhelwane bathi lezi zithandani zitholakale ziphezu kwegazi.

Izakhamuzi zithi uHenry Kleynhans ubesanda kuthengela yena nendodana yakhe imoto nesithuthuthu ngoLwesibili [olwedlule] ngaphambi kwesigameko esenzeke ngoLwesine.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa ayaphenya ngesendoda ebulawe amabhubesi

Igazi beligcwele phansi, kubonakala ukuthi inja ibilokhu imhudula igcekeni lonke umufi.

Umufi wayesebenzela esiteshini samaphoyisa eKraaifontein kanti uthathe umhlala phansi ngoJanuwari ngonyaka odlule.

Odokotela baseKraaifontein Day Hospital bathi uHenry ulahlekelwe yigazi eliningi washona.

Abakwa-SPCA bayilandile ngokushesha inja ngemuva kwesigameko.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain FC van Wyk usiqinisekisile isigameko, wathi sekuqaliswe uphenyo.

- Daily Voice

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...