Owayesebenza kwa-Nedbank ugwaze unogada enqatshelwa ukungena emahhovisi

2017-11-07 19:30

Johannesburg – Unogada osebenzela emahhovisi aseNedbank aseSandton ugwazwe ngowesilisa owayenguzakwabo.

Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi umuntu owaxoshwa kade esebenza lapha ufike ngoLwesibili emahhovisi wafuna ukubona umuntu othile ngaphakathi.

Kuthe uma enqatshelwa ukuba angene ngaphakathi, wakhipha ummese, wagwaza unogada.

OLUNYE UDABA: Kushone umakhi eKZN ewa esuka esitezi sesine

Okhulumela amaphoyisa uKay Makhubele uthi umsolwa ufakwe ozankosi.

“Umsolwa uboshiwe, unogada waphuthunyiswa esibhedlela. Okwamanje umsolwa usathweswe icala lokuzama ukubulala.”


- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 20-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...