OwayenguNgqongqoshe ugxeke abantu baseZim ngokusonga izandla

2017-11-14 18:01

Harare – Lowo owayengqongqoshe wamaqhawe ezempi eZimbabwe, uTshinga Dube, owaxoshwa nguMengameli Robert Mugabe kwiKhabhinethi ngo-Agasti usegxeke abantu baseZimbabwe ngokusonga izandla ekubeni enyathelwa amalungelo abo.

Ngokombiko weNew Zimbabwe.com, uDube ushayelwe ihlombe ngamalungu ePhalamende ngesikhathi kwethula ‘isabelomali’ eVictoria Falls ngeledlule ngemuva kokuba egxeke abantu baseZimbabwe.

UDube uzwakalise ukwethuka ngabantu baseZimbabwe abalala kolayini basemabhange uma beyofuna imali kodwa kungekho abakwenzayo ukulwisana nalokhu.

OLUNYE UDABA: Ugxekiwe umfundisi othe ingane edlwenguliwe 'ithole ebikufuna'

Izinkinga zezimali ziyaqhubeka nokushuba kuleliya lizwe, njengoba nohlelo lwama-bond notes olwaqala ukusebenza ngoNovemba lwehluleka ukulungisa le nkinga.

"…Hamba uqalaze emadolobheni, uzobona ukuthi bangakanani abantu abami kolayini, ubusuku nemini kodwa bagcine bengayitholanga imali.

"Bahambe baye emakhaya, ngakusasa benze into eyodwa futhi. Abakhalazi. Sekuyinto ejwayelekile,” kusho uDube.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...