Owayengumyeni kaNgqongqoshe uzuze u-R4 m wempesheni kankosikazi bedivosa

2017-09-20 14:00

Durban - INkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng, ePitoli, ngoLwesibili iwuqede ngokusemthethweni umshado kaNgqongqoshe wakuleli weminyaka engu-20.

Igama lalo Ngqongqoshe ngeke likhishwe ukuze avikeleke yena nomndeni wakhe, kodwa amaphepha esenkantolo aveza ukuthi kuzuze kakhulu indoda ngesikhathi kudingidwa izabelo kule divosi.

Le ndoda izothola ngaphezu kuka-R4 million wemali yempesheni yalo ngqongqoshe futhi izogcina umuzi wabo oseWaterkloof, ePitoli.

Ngokubika kwephephandaba i-Sowetan lo ngqongqoshe kumele akhokhe imali engango-R1.3 million nokuyisikweletu esisele sendlu.

OLUNYE UDABA:U-Andile uncenga unkosikazi osefuna idivosi - Umbiko

Lo mlisa kumele abuyise imoto yohlobo lwe-BMW 530i, ebhaliswe ngegama lalo ngqongqoshe futhi isikhokhelwe ngokuphelele.

Kuthiwa le ndoda izogcina umuzi nayo yonke impahla engaphakathi, okuthiwa zibiza imali eshisiwe.

Kuthiwa laba babeshade iminyaka engu-20 kodwa baqala ukuqhelelana ngo-2015 njengoba bebengasahlali ndawonye.

Bebengenazi izingane okungezabo bobabili.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...