Owayegijima ku-PSL ufunelwa izinsolo zokudlwengula

2017-03-10 11:01

Johannesburg – Amaphoyisa acela usizo kumalungu omphakathi ngokufuniswa owayedlalela iqembu elikuPremier Soccer League, uMasibusane Zongo, ofunelwa icala lokudlwengula.

Amaphoyisa athi isilungile incwadi egunyaza ukuba aboshwe lo mdlali owayedlala esiswini edlalela iPlatinum Stars neChippa United.

Lezi zinsolo zokudlwengula ezibhekene noZongo zavela eminyakeni emine eyedlule esadlalela iChippa United ngesikhathi ithimba lisazinze eKapa.

OLUNYE UDABA: Ubufakazi obusha ecaleni likathisha waseNquthu

UZongo, 26, kusolakala ukuthi wavele walishiya isigubhukane iqembu engatshelanga muntu, nokwaholela ekutheni aqondiswe izigwegwe.

NgoLwesine okhulumela amaphoyisa uNoloyiso Rwexana uthe: "Amaphoyisa asebenzisana nabeBellville Family Violence, Child Protection and Sexual Offences Unit anxusa usizo lomphakathi ngokufuniswa uMasibusane Zongo.

"Ufunelwa icala lokudlwengula elabikwa ngoFebhuwari wango-2013 kanti nencwadi egunyaza ukuba aboshwe isikhishiwe."

Onolwazi uyacelwa ukuba athinte umseshi uVan Zyl ku-021 592 7092 noma ku-082 522 1095.

Imininingwane ingathunyelwa naku-Crime Stop ku-08600 1011 noma onolwazi athumele i-SMS kuCrime Line kwethi 32211.

The Star

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...