Owayedlalela iBafana Bafana ubonga impilo kulandela ukuphangwa

2017-12-12 12:31

Johannesburg - Usinde kukubi lowo owayegijima kwiBafana Bafana neMoroka Swallows u-Alfred Maimane Phiri ngesikhathi ehlaselwe yizigebengu ekndaweni yakhe yokucima ukoma zabaleka nemoto yakhe.

UMaine utshele iSowetan ukuthi isigameko senzeke ngemuva kokuba evule iminyango endaweni yakhe yokucima ukoma ese-Alexandra, enyakatho yeGoli, izolo (ngoMsombuluko) ekuseni.

"Kungene amadoda amabili abehlomile. Eyodwa yawo yamukhomba ngesibhamu, wamufuna imali yafuna nokwazi ukuthi singakuphi isisefo.

OLUNYE UDABA:Kubanjwe nephoyisa laseGoli kwabebezama ukuphanga epulazini

"Ngiwatshelile ukutho asiyigcini imali ngaphakathi kodwa aqhuba inkani eyodwa yawo yagcina isisibonile isisefo kodwa bekungekho lutho phakathi," usho njalo.

UMaimane uthe labo shayasibhamu babaleke nemoto yakhe yohlobo lwe-Mercedes-Benza namaselula akhe.

"Awatholanga luthi, abakuthathile amabhodlela kagologo obizayo amaningi. Kudingeke ukuba ngilandele umkhondo wemoto ngisebenzisa ucingo ngabe sengishayela amaphoyisa ucingo ngiwatshela ukuthi abasolwa bakuphi," usho njalo.

Imoto kaPhiri itholakale eKew endaweni eyakhelene ne-Alexandra. Uthe uyabonga ngoba akalimalanga nakuba ebeatshiswa ngokubulawa.

Uphathina wakh anaye kuleli bhizinisi u-Otto Gwambe uthe amakhamera e-CCTV atshengisa ukuthi abasolwa bebemazi abamfunayo.

UCaptain Ali Kodisang wamaphoyisa ase-Alexandra uqinisekise ukuvulwa kwecala okuphanga nokuthungathwa kwabasolwa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...