Owasizwa izidakamizwa ukudalula ikhono lakhe ucela ukudluliselwa umsebenzi wakhe kuWinnie

2018-04-14 09:18

Durban - Umdwebi waseMatatiele e-Eastern Cape othi wasizwa izidakamizwa ukudalula ikhono lakhe lokudweba ucela usizo lokudlulisa umsebenzi wakhe emndenini wongasekho uMama uWinnie Madikizela-Mandela.

UBrazil Nqiki, 24, ongumdwebi osasafufusa, uthi ukhathazekile ukuthi ngeke akwazi ukuhambela umngcwabo weqhawe lomzabalazo, uMama wesizwe kodwa ke ngale kwalokho  unqume ukusebenzisa ikhono lakhe lokudweba isithombe sakhe afisa sengathi singafinyelela emndenini wakhe.

Uthi lesi sithombe asidwebe izinsuku ezimbili usidwebe emuva kokuvela ukuthi phakathi kwabadwebi bakuleli ababedweba uMama uWinnie kakukho noyedwa obedabuka e-Eastern Cape. 

OLUNYE UDABA:Namuhla kubekwa uMama weSizwe endaweni yakhe yokugcina

"Lokho kwangiphakatha kabi kakhulu ukuthi abantu baqhubeke nokubungaza impilo kaMama wethu basenza izinto ezahlukile kodwa mina kungabikho lutho engilwenzayo ukuhlonipha uMama," kusho uNqiki. 

UNqiki ophinda abe umthwebuli wezithombe wephephandaba laseMatateiele i-Informer uthi ikhono lakhe walibona emuva kokuya eGoli lapho kwakusebenza khona unina.

"Lapho ngifike ngana bangani abasebenzisa kakhulu izidakamizwa nokuthe ekuhambeni kwesikhathi ngathola ukuthi ngidinga imali yazo.

"Ngibe sengihamba ngidweba abantu ababeye bangiphe imali encane ngibe sengikwazi ukuzithengela izidakamizwa," kusho uNqiki. 

Uthi sihambile isikhathi wabona ingozi ngezidakamizwa wanquma ukuhlukana nabangani baseGoli ngoba ubesebamba nenkunzi.

"Ngaye ngathatha isinqumo sokuphindela eMatatiele lapho ngifike ngalungisa isimilo sami ngathola umsebenzi emphephandabeni lomphakathi lokushaya izithombe.

"Kuyimanje ukudweba nomsebenzi wami wezithombe kuyangisiza kakhulu ngoba isithombe sifuna ubone ngeso lakho abanye abantu abangaboni ngalo," kusho uNqiki.

Uthi abangamsiza ukumxhumanisa nomndeni kaWinnie bangaxhumana naye ngokumshayela ucingo ku-073 553 1742.



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...