OwaseLimpopo ushise indlu efica intombi ilele nelinye isoka

2017-05-31 11:01

Polokwane – Owesilisa kuthiwa uzame ukubulala intombi yakhe nesoka layo ngokushisa indlu ngesikhathi ebafica bendawonye ngoLwesibili, kusho amaphoyisa aseLimpopo.

Owesilisa oneminyaka eng-27 ubudala ufike endlini eThokgoaneng, eGa-Chuene, ngezithuba zabo-05:00 wathola intombi yakhe ilele nowesilisa embhedeni, kusho uLieutenant-Colonel Moatshe Ngoepe.

OLUNYE UDABA: Akukaboshwa muntu kwelokudlwengulwa kowesilisa

Kuthiwa ube eseshisa indlu ngomlilo. Owesilisa nowesifazane bakwazile ukuphuma bephila endlini nakuba beshe kabi.

Bathola ukwelashwa esibhedlela esisendaweni.

Owesilisa ongumsolwa uzinikele emaphoyiseni kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yaseThabamoopo eLebowakgomo ngamacala okuzama ukubulala nelokushisa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...