OwaseGauteng uyibambe kabili iPowerBall ngosuku olulodwa

2017-04-20 14:04

Johannesburg - Kuthiwa inhlanhla iyazi kubo kwayo, kanti leli qiniso libonakale kowesilisa ubambe iPowerBall kabili ngamathikithi amabili awadlale ezitolo ezimbili ezehlukene.

Lo wesilisa, ongeke adalulwe igama lakhe ukuze avikeleke, wathenga amathikithi amabili futhi awina womabili.

Okuyisimanga wukuthi lo mlisa wadlala izinombolo ezifanayo kuwo womabili la mathikithi. Ithikithi lokuqala walithenga e-One Stop Spar eKempton Park, ngo-R45 kanti elesibili walithenga esitolo iBrenthurst Supermarket, eBrakpan, nalo elithenga ngo-R45.

Kuleyo PowerBall i-jackpot kwakungu-R30,6 million futhi ayemane amathikithi awina, ithikithi ngalinye labamba u-R7,6 million.

OLUNYE UDABA:Ibanjwe ngowaseLadysmith iLotto yayizolo

Lo mlisa, ongunjiniyela waseGoli, uhlomule u-R15, 2 million ngamathikithi akhe womabili.

Uthi akakholwanga ukuthi uwinile futhi wayelokhu ewahlola njalo amathikithi akhe.

Ngesikhathi ebuzwa ukuthi uhlele ukwenzani ngemali yakhe, uthe uzokhokhela umuzi wakhe awuqede, avale zonke izikweletu zakhe kuthi enye imali ayilondoloze kwenzele ukuthi aphile kamnandi uma esethatha umhlalaphansi.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Rain late. More clouds than sun. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 2-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 10-24°C High level clouds. Mild. PE: 14-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...