OwakwaMagoda, ugwetshwe iminyaka engu-14 ngelokudlwengula

2018-01-24 06:59

eThekwini - Owesilisa oneminyaka engu-23 ubudala ugwetshwe iminyaka engu-14 ngecala lokudlwengula.

UMorgan Mvikeli Philip Dlamini ugwetshwe yinkantolo yesifunda ePietermaritzburg ngomhlaka 19 Januwari 2018.

Lo mlisa ulahlwe amacala okuthumba nokudlwengula owesimame nokuyisigameko esenzeka endaweni yakwaMagoda, eRichmond.

OLUNYE UDABA:Osolwa ngokuba yizimuzimu akakulungele ukuvela phambi kwenkantolo

Lokhu kwenzeke ngomhlaka 20 Disemba 2015, owesimame,20, esethaveni nabangani bakhe.

Ngesikhathi esebuyela ekhaya wahlangana nalo msolwa owamdonsa ngezinwele wakhipha ummese ephaketheni.

Umsolwa wahamba nalo wesimame ngenkani eya lapho ahlala khona nokuyilapho afike amdlwengulela khona.

Kwavulwa icala lokudlwengula, kanti uphenyo lwamaphoyisa lwawaholela kuDlamini

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...