Owabamba iLotto usalelwe yizinsuku ezine ukuba alande izigidi zakhe

2017-07-26 14:02

Cape Town – Abe-Thuba Holdings banxusa umnikazi wethikithi elabamba i-jackpot ka-R19m ukuba asheshe avele azolanda imali yakhe ingaze icwile.

Umnikazi waleli thikithi kuthiwa walithenga eThe Pie Train eSiphingo, eThekwini, ngoJulayi 2016.

Leli yilona lodwa ithikithi elabamba izinombolo ezinhlanu ze-PowerBall PLUS eyadlala ngomhlaka-29 Julayi 2016 wabamba imali engango-R19 292 600.

Lo muntu usesalelwe yizinsuku ezine ukuba ayolanda izigidi zakhe.

OLUNYE UDABA:Ibanjwe ngowaseLadysmith iLotto yayizolo

“Uma le mali ingalandwa kuze kufike uMgqibelo, izobuyela emuva esikhwameni seNational Lotteries Distribution Trust Fund. Abantu ababamba iLotto banikwa unyaka owodwa ukuba balande imali yabo ngokwemigomo nemibandela yeNational Lotter,y” kusho abeThuba ngesitathimende.

Kuthiwa kukhona nomunye owabamba iLotto Jackpot ka-R15m ngoDisemba nomunye owabamba iPowerBall PLUS Jackpot ka-R21m eyangoJuni 2017 nabo abangayilandi imali yabo.

Laba baselelwe yizinyanga ezinhlanu ukuba balande imali yabo ingaze icwile.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kubanjwe inkunzi abosizo lokuqala e-PE

Emizuzwini eyi-46 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 18-26°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 22-27°C a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 18-24°C Rain early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...